Monday, November 5, 2012

Ngabe iHighlanders ibhekwe yisambane na?


Sisashela, kusashelwana, hayi manje, intombi yayitshelwa mgceke kube obala ukuthi indaba esegudwini ngeke ize iphelele eboyeni okwezithukuthuku zenja. Lapho okwakungathi ayitholisisi kahle isimo, kwakufakwa isiLungu:

“I shall be back. I shall come again. I shall insist. I shall persist. I shall not give up.” Iqembu lonyaka lidlale ngalelo hlobo. Sekusemaphethelwni ohlelo, lisazimisele ngalokho.

Ngezikhathi ezedlule, kubekhona imidlalo labomakhelwane. Le yona njengenjwayelo, ibenzima kakhulu ngoba abadlali babematasa tasa belwisana labalingani babo abaphila bonke. Ngokusweleka kwenhlanhla, yadlalwa ngokulingana.

Abalandeli abazange bakuzwisise ukuthi inkunzi maqhuzu ingembulwa amabhetshu ngokungabafanyana kwe Chicken Inn le Quelaton. IMonomotapa layo ize ngokudelela okukhulu yahlambaza uMthwakazi kabi.

Kungesi kudala iDynamos yona yazithembisa ukucobodela Amahlolanyama kodwa yahlangana lembila zithutha. Yona ke yasila emlonyeni wengwenya ngoba uMantengwane wasesidla amahabula eHarare efuna ukuvuka ubhova athumbe umdlalo.

Kungasenani, wavusa umhlonga ke esidla inja, njengoba kubikwa ukuthi abafana basebeyingwe mabalabala bebuya okwenyathi ezeleyo sebedlala le Hardbody yenkabazwe izolo.

Okubaluleke kakhulu lithemba kubadlali, ukuthi ikusasa labo lihle. Lokho ke yinsinda badli ngoba abaholi beHighlanders basesimeni esibi kwezomnotho. Noma nje iBancABC ibanika iholo lenyanga, abadala behluleke ukuqoqa inhlelo zezimali. Abafana baze babeka phansi amajogwe befuna kuxazululwe lesi sinkinya nkinya sendaba.

Akwaziwa bafikisane ngaphi ngalolu daba. Okwaziwayo yikuthi ayikho imali lokuthi abafana bayalithanda njalo bayalidlalela iqembu noma kungela mali. Kumele uzulu aqonde ukuthi noma kuluthando, kumqotho ukugcina izithembiso. Badlala eyabo indima, labadala abadlale eyabo.

Kwabanengi, imbeleko yinto yokulahlwa ngoba amathuba okuthi iDynamos izaloba akhanya efiphala. USimakade yena ngowethu sonke. Mibili imidlalo esasele. Kungenzeka noma yini. Umthandazo munye – ukuthi iNkosi isikelele ezikamaGebhula, eZimnyama ngenkani.

Zimibi kanje lamhlanje.

Team.................. MP W. D. L.. F. A. GD P.
1 Dynamos.......... 28 20 5 3 54 14 40 65
2 Highlanders...... 28 18 9 1 46 15 31 63

No comments:

Post a Comment